• About
  • Advertise
  • Privacy & Policy
  • Contact
Our Latest E-Edition
Globe Post
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
Monday, August 24, 2026
No Result
View All Result
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
No Result
View All Result
Globe Post
No Result
View All Result
Home National

Idla ngamapayipi iminyango yezeMfundo kuncishiswa imali

by Admin
May 11, 2023
in National
0
Share on FacebookShare on Twitter

UXWAYISA ngokuthi ungagcina isiwe bhu imiNyango yezeMfundo ezifundazweni umqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, ngokuqhubeka kukaMgcinimafa kazwelonke ukunqamula isabelomali sale minyango.

UMweli ukhale kuMgcinimafa kazwelonke wathi le nkinga yenza kugcine kungasaqashwa othisha ngenxa yokushoda kwemali. Evele ekomitini lasePhalamende muva nje, uveze ukuthi iminyango yezemfundo idonsa kanzima.

Ubalule owezemfundo KwaZulu-Natal, nawo odonsa kanzima njengoba ungakwazi ukukhokhela othisha ababalelwa ku-5 000.

Umnyango wesifundazwe uhluleka ngisho ukuqasha othisha abazovala izikhala zalabo abasuke behlabe ikhefu ngoba ungenayo imali.

“Ngiwazisile uMgcinimafa ukuthi le minyango ingawa bhu noma yinini ngenxa yenkinga yemali. Le minyango iboleka imali eningi egcina ingasakwazi nokuyikhokha. Inkinga enkulu le esibhekene nayo.”

UMweli uthe kudingeka kwenziwe okuthile ngokushesha ukuxazulula le nkinga.

“Kwesinye isikhathi asikwazi ukuthutha abafundi ngoba kushoda imali yokukhokhela amabhasi abathuthayo. Yingakho size satshela abazali ukuthi bangakhethi izikole uma zizothuthwa ngumnyango kodwa baye kunoma yisiphi isikole esiseduzane.”

NoNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uNkk Mbali Frazer, useke wakhala esiShayamthetho, ngenkinga yemali ebhekene nomnyango.

Umnyango wesifundazwe uke wasikaza nokudiliza othisha ohluleka ukubakhokhela ngenxa yenkinga yemali. Umnyango unenqwaba yezikhala ongazivalile ezithinta ezabahloli abavakashela izikole.

Kuphinde kwancishiswa amakhilomitha ahanjwa abavakashela izikole, imihlangano isibanjwa ngohlelo lwezobuchwepheshe, ivaliwe eyokusebenza isikhathi esengeziwe kubasebenzi, izikole azitholi imali efanele nelingana nezinye izifundazwe kulezo okufundwa mahhala kuzona ngenxa yemali.

Lendaba ibuya kwi Isolezwe

Tags: Basic Department of Education
Share197Tweet123
Previous Post

City Power will no longer respond to outage calls from non-paying customers

Next Post

Burglars ransack Ennerdale’s Uniting Reformed Church

Admin

Admin

Related Posts

Road closures planned for Chiefs-Sundowns clash

August 14, 2026

SA police reset: Agenda without punch?

August 7, 2026

Traffic alert

August 7, 2026

SASSA beneficiaries under review to be paid on 7 August

July 31, 2026
Next Post

Burglars ransack Ennerdale’s Uniting Reformed Church

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Latest stories

Ennerdale daycare rallies support for children’s zoo trip

August 20, 2026

Eldorado Park women rally against abuse, call for solidarity

August 20, 2026

JMPD corrects Lenasia South arrest claims

August 19, 2026

Police chase leads to firearm arrest in Eldorado Park

August 19, 2026

Only R22 – Zoo Day gives Joburg families a reason to reunite in a fun day out this Saturday

August 18, 2026

No arrests yet in Ennerdale supermarket break-in and ATM bombing

August 17, 2026
ADVERTISEMENT

We tell honest grassroot stories that
heal & uplift the lives of 3M+ people in our communies

128 Starling Rd, Lenasia South, Johannesburg, 1829

+27 11 850 1160

+27 10 230 0038

Pages

  • About Us
  • Crime and Safety
  • Entertainment
  • Sports
  • Politics

Advertising

  • Advertise on our platforms
  • Privacy Policies
  • Classifieds
  • FAQ

Newsletter

Subscribe to our Newsletter to be updated. We promise not to spam.

Subscribe

Copyright © 1992 Globe Post. All Rights Reserved

No Result
View All Result
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health

Copyright © 2017 JNews.