• About
  • Advertise
  • Privacy & Policy
  • Contact
Our Latest E-Edition
Globe Post
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
Wednesday, July 29, 2026
No Result
View All Result
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
No Result
View All Result
Globe Post
No Result
View All Result
Home Local

Intando yeningi labantu echumayo idinga inkululeko kwabezindaba

by Admin
May 31, 2023
in Local, National
0
Share on FacebookShare on Twitter

Enye yezinto ezibalulekile ezakha intando yeningi labantu esebenzayo inkululeko kwabezindaba. Ngakho-ke kufanele sigqugquzelwe ukukhishwa kamuva-nje kweNkomba Yomhlaba Yenkululeko Kwabezindaba, lapho iNingizimu Afrika yenze kangcono kakhulu, yakhuphuka ngezigaba ezilishumi isuka endaweni yama-35 emhlabeni ngowezi-2022 yayoba sendaweni yama-25 kulo nyaka.


Inkomba Yomhlaba Yenkululeko Kwabezindaba, ehlanganiswa minyaka yonke yinhlangano i-Reporters Without Borders, ihlolisisa isimo sobuntatheli emazweni ayi-180 nasezindaweni zawo. Ibheka isimondawo abasebenzi bezezindaba abasebenza kuso ngokubheka izimo zepolitiki, uhlaka lwezomthetho, ukuphepha kanye nommongo wezomnotho namasiko kwezenhlalo.


Inhlangano le ichaza inkululeko yabezindaba “njengekhono lezintatheli ngayinye ngayinye nangokusebenzisana nezinye ukukhetha, ukukhiqiza nokusabalalisa izindaba emphakathini ngaphandle kokugxambukela kwezepolitiki, ezomnotho, ezomthetho kanye nezenhlalo, futhi ngaphandle kokusatshiswa ngokuphepha kwazo siqu nangokwengqondo.”


Njengoba intando yeningi labantu entsha iqhathaniswa naleyo enemikhuba egxilile kumthethosisekelo, kufanele sizigqaje ngokugqugquzela kwethu inkululeko nokuzimela kwabezindaba. Ngokocwaningo, isimo sabezindaba eNingizimu Afrika “siqinile, sehlukahlukene futhi siyashukumisa” esikhathini lapho ubuntatheli
sebuphenduke umsebenzi onobungozi kakhulu kwezinye izingxenye ezehlukene zomhlaba.


Inkululeko yabezindaba iyinsika yokuhleleka kwentando yeningi labantu. Izintatheli zethu ziyaqhubeka nokuziphendulela nokuhlomisa izakhamuzi. Uphenyo
lwabezindaba ludonsele amehlo inkohlakalo, ukuhlukunyezwa kwabantu ababuthakathaka, ukubulawa kwezingede, nazo zonke izenzo ezingalungile ngaphakathi embusweni, emkhakheni ozimele, kwezemfundo nakweminye imikhakha.


Ukukhula kwezinga lobuntatheli kwizakhamuzi kanye nokusabalala komakhalekhukhwini besimanjemanje kwenze kwalula ngayoyonke indlela ukuthi izigameko ezidinga abezindaba, kubanda – kanya izenzo kanye namazwi osaziwayo emphakathini, ukuthi asatshalaliswe ngokuphazima kweso kubantu abaningi.
ENingizimu Afrika, izintatheli zikhululekile ukusebenza ngaphandle ngokunqandwa ukusho lokho ezifuna ukukusho, ukuxhashazwa noma ukujeziswa yinkantolo, noma ngabe zigxeka kabuhlungu labo abasezikhundleni zeziphathimandla.


Noma kunjalo, iNingizimu Afrika isabhekene nezinselele eziningi. Izikhungo eziningi zabezindaba ziyazabalaza ukuthi zime njengoba zibhekene nokuguquka kwezo buchwepheshe, lokho okushintsha indlela obekwenziwa ngayo kwabezindaba kanye nemithelela yobhubhane lwe-COVID-19.


Le miphumela nakanjani idicilela phansi ukugqama nokuhlukana komkhakha wethu wezindaba. Eminyakeni esanda kwedlula, kube nezigameko lapho izintatheli bezesatshiswa noma zihlaselwa zisemsebenzini wazo.


Ezinye zahlanjalazwa ezinkundleni zokuxhumana noma zalandelwa ngosaziwayo bezepolitiki. Njengomphakathi, kufanele sizigxeke kakhulu lezi zenzo futhi sisebenze ukuthi sizigweme.

Nakanjani kubalulekile ukuthi abezindaba ekusebenzeleni umphakathi benze lezo ziphathimandla zakuhulu – meni, kumabhizinisi kanye nasemphakathini ukuthi
ziziphendulele. Khona manjalo, abezindaba banendima ebaluleke kakhulu ekufanele bayidlale ekufundiseni nasekwaziseni izakhamuzi ngezindaba ezithinta zona.
Ngonyaka ozayo izwe liphikelele okhethweni jikelele.


Njengoba izakhamuzi zilungiselela ukuyokwenza lo msebenzi obaluleke kakhulu, abezindaba kufanele basebenzise ikhono labo namandla ukugqugquzela izakhamuzi eziningi ukuthi zibhalisele ukuvota. Kufanele kwenze umehluko omkhulu ukubhala ngezindaba zasemphakathini ngesinye isikhathi eziyaye zikhishwe
kancane ezindabeni. Ngaphandle kokufuna ukuguqula ingqondo yabavoti, abezindaba kufanele bagxile ezindabeni ezibalulekile ezithinta abantu uma bedinga
ukuthatha isinqumo sokuthi bavotele bani.


Inkululeko yabezindaba, njengamaningi amalungelo aqukethwe kuMthethosisekelo wethu, siyinqobile. Ivuka esimweni lapho abezindaba ngokwabo besebenza
ngokuqaphelisisa ukuthi izindaba zabo zihlala zithembekile, ziyanemba, azithathi hlangothi futhi zineqiniso.
Ekugcineni, isimo sabezindaba asichazwa ukuthi bame kuphi kwinkomba, kodwa ngokuthi bafaka liphi igalelo ekwakheni intando yeningi labantu eqhakazile
enezakhamuzi ezinolwazi, ezinamandla futhi ezibamba iqhaza.

Tags: 2024 ElectionsNews
Share197Tweet123
Previous Post

Key Change SA looks to make a mark in the music industry

Next Post

PA set to host Youth Day Soccer Tournament in Ennerdale

Admin

Admin

Related Posts

Lenasia duo shine for South Africa

July 23, 2026

Zakariyya Park Combined mourns loss of two learners

July 22, 2026

Lenasia South preschools spread kindness with Mandela Day celebrations

July 20, 2026

GBV awareness campaign empowers residents to break the silence

July 19, 2026
Next Post

PA set to host Youth Day Soccer Tournament in Ennerdale

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Latest stories

Cllr Lois says “we will rise again” after home office burnt to ashes on Mandela Day

July 22, 2026

Zakariyya Park Combined mourns loss of two learners

July 22, 2026

Lenasia South preschools spread kindness with Mandela Day celebrations

July 20, 2026

GBV awareness campaign empowers residents to break the silence

July 19, 2026

Two arrested after JMPD K9 shootout breakthrough

July 17, 2026

Weekly Snapshot: Globe Post Newsletter

July 17, 2026
ADVERTISEMENT

We tell honest grassroot stories that
heal & uplift the lives of 3M+ people in our communies

128 Starling Rd, Lenasia South, Johannesburg, 1829

+27 11 850 1160

+27 10 230 0038

Pages

  • About Us
  • Crime and Safety
  • Entertainment
  • Sports
  • Politics

Advertising

  • Advertise on our platforms
  • Privacy Policies
  • Classifieds
  • FAQ

Newsletter

Subscribe to our Newsletter to be updated. We promise not to spam.

Subscribe

Copyright © 1992 Globe Post. All Rights Reserved

No Result
View All Result
  • News
    • Local
    • National
    • World
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health

Copyright © 2017 JNews.