• About
  • Advertise
  • Privacy & Policy
  • Contact
Our Latest E-Edition
Globe Post
  • News
    • News
    • National
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
Monday, October 5, 2026
No Result
View All Result
  • News
    • News
    • National
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health
No Result
View All Result
Globe Post
No Result
View All Result
Home National

Phansi amaphaphu ngeke kube mnyama bhuqe izwe: Eskom

by Admin
May 25, 2023
in National, News
0
Share on FacebookShare on Twitter

Isikhulu esisabambile sase-Eskom, uMnuz Calib Cassim, sizwakalise ukungenami ngemibiko yokuthi kungase kube mnyama bhuqe, ezweni ngenxa yezingqinamba zokuphehlwa kukagesi.

Esitatimendeni uCalib uthe imibiko yokuthi kuzoba mnyama bhuqe ezweni uyibone ezinkundleni zokuxhumama kodwa ayisilo iqiniso.

“Iyasikhathaza imibiko esatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana yokuthi kuzoba mnyama bhuqe ezweni. Ngithanda ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika, ukuthi akusilo iqiniso leli, ayisoze yenzeka into enjalo. Uma sinqamula ugesi sisuke sigwema ukuthi izwe lifike esigabeni sokuthi kube mnyama bhuqe,” kuchaza uCassim.

Uveze ukuthi imishini ephehla ugesi bayilawula ngendlela eyenza ukuthi uma kunogesi onganele bakwazi ukuyicima bese ugesi unqamuka ukuze kunyuswe izinga logesi okhona.

“Izwe alikho sengcupheni yokubamnyama bhuqe. Sinabantu abanamakhono afanele abasebenza ezinhlelweni zokuphehla ugesi nokuwuthumela kahle ngeziphehli zethu. Kungabe kwenzeke izinguquko eziningi uma yonke imishini ephehla ugesi ingase iyeke ukusebenza.

“Sinazo izinhlelo ezibhekelele lokho kodwa yinto engasoze yenzeka ngoba sinezinhlelo eziningi kabi eziqinisekisa ukuthi kunogesi ezweni,” kusho uCassim engqungqutheleni kagesi ebizwa nge-Enlit Africa.

Uthe akaqwashi nokuqwasha ebusuku ngoba e-Eskom kukhona abasebenzi abawaziyo umsebenzi wabo osekuphele iminyaka emithathu beqinisekisa ukuthi izwe alifiki esigabeni sokuba mnyama bhuqe.

Uphethe ngokuthi bayaqhubeka nezinhlelo zokuphehla ugesi, bayayilungisa imishini efile futhi banezinhlelo zesikhathi eside nalezo abaziqhuba njengamanje.

Namhlanje kuzoba nesithangami sezindaba lapho i-Eskom izocacisa ngezinhlelo zayo zokuphehla ugesi ebusika nokuqinisekisa ukuthi akungenwa ezigabeni eziphezulu zokunqamuka kukagesi.

Kuleli sonto ugesi unqamuka ngokwesigaba sesine bese njalo ngo-4 ntambama ugesi unqamuke ngokwesigaba sesithupha.

Lendaba ibuya kwi isolezwe.co.za

Tags: EskomLoadshedding
Share196Tweet123
Previous Post

Music legend Tina Turner dies at 83

Next Post

Lenasia South’s Dj Tebza – The Soul Provider releases 11th mixtape

Admin

Admin

Related Posts

Former SABC sports presenter Owen Ndlovu’s funeral service to be held in Lenasia South

September 23, 2026
Image supplied

Shots fired as masked suspects bomb ATM at Ennerdale Shoprite

September 22, 2026

From dumping site to green space: Hampton Park’s community-led transformation

September 18, 2026

Burning tyres, blocked roads as Meriting residents demand action

September 16, 2026
Next Post

Lenasia South's Dj Tebza - The Soul Provider releases 11th mixtape

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Latest stories

Stolen BMW recovered. Image supplied

Phumla Mqashi crime operation Uncovers suspect linked to serious crimes

September 28, 2026

Gauteng police arrest 1,118 suspects in weekend Operation Shanela

September 28, 2026

23-year-old woman killed in Thembisa robbery

September 28, 2026

Green ID books to be phased out as Home Affairs accelerates Smart ID switch

September 25, 2026
Image suppiled

2026 matric exams: NSC timetable released as learners prepare for final stretch

September 25, 2026

Digital tourism could open new opportunities for local businesses

September 25, 2026
ADVERTISEMENT

We tell honest grassroot stories that
heal & uplift the lives of 3M+ people in our communies

128 Starling Rd, Lenasia South, Johannesburg, 1829

+27 11 850 1160

+27 10 230 0038

Pages

  • About Us
  • Crime and Safety
  • Entertainment
  • Sports
  • Politics

Advertising

  • Advertise on our platforms
  • Privacy Policies
  • Classifieds
  • FAQ

Newsletter

Subscribe to our Newsletter to be updated. We promise not to spam.

Subscribe

Copyright © 1992 Globe Post. All Rights Reserved

No Result
View All Result
  • News
    • News
    • National
  • Crime
  • Entertainment
  • Business
  • Sport
  • Politics
  • Health

Copyright © 2017 JNews.