National, News

Phansi amaphaphu ngeke kube mnyama bhuqe izwe: Eskom

May 25, 2023

Isikhulu esisabambile sase-Eskom, uMnuz Calib Cassim, sizwakalise ukungenami ngemibiko yokuthi kungase kube mnyama bhuqe, ezweni ngenxa yezingqinamba zokuphehlwa kukagesi.

Esitatimendeni uCalib uthe imibiko yokuthi kuzoba mnyama bhuqe ezweni uyibone ezinkundleni zokuxhumama kodwa ayisilo iqiniso.

“Iyasikhathaza imibiko esatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana yokuthi kuzoba mnyama bhuqe ezweni. Ngithanda ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika, ukuthi akusilo iqiniso leli, ayisoze yenzeka into enjalo. Uma sinqamula ugesi sisuke sigwema ukuthi izwe lifike esigabeni sokuthi kube mnyama bhuqe,” kuchaza uCassim.

Uveze ukuthi imishini ephehla ugesi bayilawula ngendlela eyenza ukuthi uma kunogesi onganele bakwazi ukuyicima bese ugesi unqamuka ukuze kunyuswe izinga logesi okhona.

“Izwe alikho sengcupheni yokubamnyama bhuqe. Sinabantu abanamakhono afanele abasebenza ezinhlelweni zokuphehla ugesi nokuwuthumela kahle ngeziphehli zethu. Kungabe kwenzeke izinguquko eziningi uma yonke imishini ephehla ugesi ingase iyeke ukusebenza.

“Sinazo izinhlelo ezibhekelele lokho kodwa yinto engasoze yenzeka ngoba sinezinhlelo eziningi kabi eziqinisekisa ukuthi kunogesi ezweni,” kusho uCassim engqungqutheleni kagesi ebizwa nge-Enlit Africa.

Uthe akaqwashi nokuqwasha ebusuku ngoba e-Eskom kukhona abasebenzi abawaziyo umsebenzi wabo osekuphele iminyaka emithathu beqinisekisa ukuthi izwe alifiki esigabeni sokuba mnyama bhuqe.

Uphethe ngokuthi bayaqhubeka nezinhlelo zokuphehla ugesi, bayayilungisa imishini efile futhi banezinhlelo zesikhathi eside nalezo abaziqhuba njengamanje.

Namhlanje kuzoba nesithangami sezindaba lapho i-Eskom izocacisa ngezinhlelo zayo zokuphehla ugesi ebusika nokuqinisekisa ukuthi akungenwa ezigabeni eziphezulu zokunqamuka kukagesi.

Kuleli sonto ugesi unqamuka ngokwesigaba sesine bese njalo ngo-4 ntambama ugesi unqamuke ngokwesigaba sesithupha.

Lendaba ibuya kwi isolezwe.co.za

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Lenasia, Ennerdale and Lawley South.

Follow Globe Post for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • 📰🗳️ THE OCTOBER EDITION OF GLOBE POST IS HERE!
    October 23, 2026
  • Eldorado Park father pleads guilty to daughter’s murder and rape as trial begins
    October 22, 2026
  • Lenasia South and Ennerdale targeted in multimillion-rand electricity upgrade plan
    October 22, 2026
  • Gauteng steps up scholar transport safety ahead of 2027
    October 22, 2026

More stories like this

  • News
    Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    October 21, 2026
  • Crime, News
    Soweto school rape allegations spark outrage as parents demand answers
    October 21, 2026
  • Lifestlye, News
    Ennerdale’s Siyathandwa Senior Social Club takes elders on an unforgettable flight experience
    October 20, 2026