National, Politics

I-IEC inxenxa izitshudeni emanyuvesi ukuthi zivote

Ingenisa ezikhungweni zemfundo ephakeme ikhomishini eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ukuyonxenxa izitshudeni ukuthi zibhalisele ukuvota njengoba kunokhetho olubhekwe ngabomvu lukazwelonke nolwezifundazwe ngonyaka ozayo.

March 13, 2023

Ingenisa ezikhungweni zemfundo ephakeme ikhomishini eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ukuyonxenxa izitshudeni ukuthi zibhalisele ukuvota njengoba kunokhetho olubhekwe ngabomvu lukazwelonke nolwezifundazwe ngonyaka ozayo.

By Mhlengi Shangase – Isolezwe

Izikhulu zekhomishini zivakashele enyuvesi iRhodes, ziyothula umkhankaso wokunxenxa izitshudeni ukuthi zibhalisele ukuvota zisebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe.

Okunye wukufundisa izitshudeni ngelungelo lazo lokuvota, ingxoxompikiswano ngenkululeko kuleli nokuzinxenxa ukuthi zivote.

UNkk Janet Love, iphini likasihlalo we-IEC, utshele izitshudeni ukuthi ukuvota kusho ukusebenzisa ilungelo elikuMthethosisekelo.Uthe ukuvota kwenza ukwazi ukuzikhethela iqembu noma umuntu ozokuphatha.

“Ukusebenzisa leli lungelo kukwenza ube ngumuntu obambe iqhaza entandweni yeningi kuleli. Yilungelo elalwelwa ngabantu abaningi kuleli.”

Uthe njengoba kugujwa inyanga yamalungelo abantu, bagqugquzela umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekuvoteni.

“Sigqugquzela ikakhulu intsha ezobe iqala ukuvota ukuthi ibhalise ukuze ikwazi ukubamba iqhaza. Ikusasa lisezandleni zabantu abasha, ukuthi basebenzise leli lungelo,” kusho uNkk Love.

Uthe bahambela izikhungo ukuze bazibhalise ohlelweni abalusebenzisayo uma kuvotwa iVoter Management Device.

Ubalule ukuthi lo mkhankaso uzoqhubeka uhambele izikhungo zemfundo ezehlukene.Njalo uma kuzovotwa i-IEC ivame ukunxenxa imiphakathi ukuthi ibhalisele ukuvota.

Isuke inxenxa nalabo ababhalisile ukuthi bazibheke ukuthi basabhalise endaweni efanele njengoba kubuye kuklanywe kabusha imingcele.

Kwenzeka lokhu nje, ukhetho lwangonyaka ozayo lufaniswa nolwango-1994, lapho elakuleli lavota okokuqala ngqa ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi.

Kulolu khetho amaqembu amaningi afuna ukwehlisa ukweseka kwe-ANC eyathatha izintambo ngo-1994, ibe ngaphansi kuka-50%.

Kulolu khetho kuzoqopheka umlando njengoba kuzobe kungokokuqala ukuthi abangenele ukhetho ngokuzimela babe yingxenye yalo.

Lokhu kwenzeka emva kokuphasiswa komthetho wezokhetho yiPhalamende, ozobavumela ukuthi babeyingxenye njengoba phambilini bebekwazi ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya kuphela.

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Lenasia, Ennerdale and Lawley South.

Follow Globe Post for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Lenasia South Ward 120 at the polls: 2,587 fewer registered voters as political parties battle for support
    October 19, 2026
  • Wards 7, 8, 9, 120, 121 and 122 at the polls: 129 233 registered voters, 342 candidates
    October 19, 2026
  • Operation Dudula distances itself from shutdown poster ahead of elections
    October 14, 2026
  • Home Affairs withdraws asylum directive after protests and unrest
    October 9, 2026

More stories like this

  • Crime, National
    Scholar transport driver granted bail after fatal Golden Highway crash
    September 10, 2026
  • Politics
    Gauteng Premier’s Office records 85% performance amid service delivery push
    September 9, 2026
  • National
    Joburg extends pensioner property rates rebates until June 2027
    September 4, 2026